NgokukaJohane 5:1-47

NgokukaJohane 5:1-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Emva kwalokho kwaba khona umkhosi wabaJuda, uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu. Kwakulala kuyo izinkumbi zabagulayo: izimpumputhe, izinyonga, nabafe uhlangothi. Babelindele ukuzanyazanyiswa kwechibi. Ingelosi kaNkulunkulu yayehla ngezikhathi ezithile, ifike izamazamise ichibi, bese kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwalo, asinde esifweni esimphetheyo, noma ngabe sifo sini. Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engama-38. UJesu embona elele lapho, futhi azi ukuthi sekuyisikhathi eside egula, wathi kuye: “Uyathanda yini ukusinda na?” Waphendula, wathi: “Nkosi, anginamuntu ongangifaka echibini lapho lizanyazanyiswa. Kuthi nje ngiseza kulo, ngidlulwe ngomunye, angene kuqala.” UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthathe uhlaka lwakho, uhambe.” Umuntu wasinda ngaleso sikhathi, wayesethatha uhlaka lwakhe, wahamba. Ngakho-ke abaJuda bathi kulowo muntu owayesephilisiwe: “Yisabatha namuhla, akuvumelekile ukuba uthwale uhlaka lwakho.” Kepha waphendula, wathi: “Lowo ongiphilisileyo uthe kimi: ‘Thatha uhlaka lwakho uhambe.’ ” Bambuza bathi: “Ngubani lo muntu othe kuwe: ‘Thatha uhlaka lwakho uhambe’ na?” Kepha owayephilisiwe wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemonyukile, lokhu kwakukhona isixuku kuleyo ndawo. Emva kwalokho uJesu wamfica lowo muntu ethempelini, wathi kuye: “Usuphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokhu.” Lowo muntu wahamba wayobikela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. AbaJuda bamzingela uJesu ngenxa yalokho, ngokuba wayenze lokho ngesabatha. UJesu wathi kubo: “UBaba uyasebenza kuze kube manje, nami-ke ngiyasebenza.” Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu. Ngakho-ke uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: iNdodana ingenze lutho ngokwayo, ngaphandle kwalokho ekubona kwenziwa nguYise, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyakwenza kanjalo. Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo. Uyakuyikhombisa ngisho imisebenzi emikhulu kunale, ukuba nimangale. Njengalokhu uYise evusa abafileyo, abenze baphile, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. Ngokuba noYise akehluleli muntu, kodwa igunya lonke lokwehlulela ulinike iNdodana, ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo. “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isikhathi siyeza, sesifikile namanje, lapho abafileyo beyakulizwa iphimbo leNdodana kaNkulunkulu; abalizwayo bayakuphila. Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo. Uyinikile igunya lokwehlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu. “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa iphimbo layo, abenze okulungileyo baphumele ekuvukeni kokuphila; kuthi abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.” “Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa intando yongithumileyo. “Uma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami abusilo iqiniso. Kepha kukhona omunye ofakaza ngami, futhi ngiyazi ukuthi ubufakazi abufakazile ngami buyiqiniso. “Nina nathumela kuJohane, walifakazela iqiniso. Kepha Mina angemukeli ubufakazi kumuntu; lokhu ngikusho ukuze nisindiswe. UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe. “Kepha nginobufakazi obedlula obukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ngami ukuthi nguBaba ongithumileyo; naye uBaba ongithumileyo uyifakazile ngami. Nina anikaze nilizwe iphimbo lakhe noma nibone isiqu sakhe. Nezwi lakhe alihlali kini, ngokuba animkholwa lowo amthumileyo. Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami. Kepha anifuni ukuza kimi ukuze nibe nokuphila. “Mina angemukeli udumo kubantu, kodwa ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu kini. Ngize egameni likaBaba, kepha aningemukeli; kodwa uma kuza omunye ezizela egameni lakhe, lowo niyakumemukela. Pho ningakholwa kanjani nisadumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu okunguye yedwa na? “Ningacabangi ukuthi ngiyonimangalela kuBaba, kukhona oyedwa onimangalelayo, nguMose lo enethembele kuye. Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yiMina, ngokuba yena wabhala ngami. Kodwa uma ningakholwanga yimibhalo yakhe, pho niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”

NgokukaJohane 5:1-47 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi; Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi wayesenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na? Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, kangilamuntu ongangifaka echibini, nxa amanzi ezanyanyiswa; UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe. Wahle wasinda umuntu, wathatha uhlaka lwakhe, wahamba. Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha; Wabaphendula wathi: Ongiphilisileyo, nguyena wathi kimi: Thatha uhlaka lwakho, uhambe. Base bembuza bathi: “Ngubani lowo othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe? Owaphulukisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayesesukile, kukhona isixuku kuleyo ndawo. Ngasemuva uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, ususindile; Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. Ngalokho abaJuda bamzingela uJesu, badinga ukumbulala, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. Kodwa uJesu wabaphendula wathi: UBaba uyasebenza kuze kube khathesi, lami ngiyasebenza. Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu. UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza; Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; uyakuyikhombisa nemisebenzi emikhulu kunale ukuba nimangale. Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. Ngokuba uYise akahluleli muntu, kepha ukunikile iNdodana konke ukwahlulela; ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila. Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo; Uyinikile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu. Ningamangali ngalokho, ngokuba ihora liyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo; Futhi lizaphuma; abenze okuhle baphumele ekuvukeni kokuphila; lalabo abenze okubi, ekuvukeni kokulahlwa. Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo. Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuloqiniso. Ukhona omunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi afakaza ngami buqinisile. Nathumela kuJohane, walifakazela iqiniso. Kodwa mina kangibamukeli ubufakazi kumuntu, kodwa ngitsho lezizinto ukuze lina lisindiswe. Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo, nina-ke nathanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe. Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile. Naye uBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anikaze nilizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe. Aninalo izwi lakhe elihlezi kini, ngokuba anikholwa nguyena amthumileyo. Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami. Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila. Angilamukeli udumo ebantwini; Kepha ngiyanazi ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu. Mina ngize egameni likaBaba, kepha aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyamamukela yena. Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na? Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enimethembayo. Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimi, ngokuba yena waloba ngami. Kepha uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani amazwi ami na?

NgokukaJohane 5:1-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini. Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?” Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.” UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.” Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku. Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.” Wabaphendula wathi: “Ongiphilisileyo nguyena othe kimi: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.’ ” Bambuza bathi: “Ngubani lowo muntu othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho uhambe,’ na?” Kepha ophilisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo. Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.” Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu. Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo. Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale. Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo. “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila. Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo. Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu. “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa. Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo. “Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile. Ngomunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile. “Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso. Kepha mina angibamukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe. Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe. “Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile. NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe. Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu, ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye. Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami. Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe nokuphila. “Mina angamukeli udumo kubantu. Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu. Ngize egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena. Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na? “Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye. Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami. Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”

NgokukaJohane 5:1-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)