NgokukaJohane 5:1-18

NgokukaJohane 5:1-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi; Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi wayesenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na? Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, kangilamuntu ongangifaka echibini, nxa amanzi ezanyanyiswa; UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe. Wahle wasinda umuntu, wathatha uhlaka lwakhe, wahamba. Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha; Wabaphendula wathi: Ongiphilisileyo, nguyena wathi kimi: Thatha uhlaka lwakho, uhambe. Base bembuza bathi: “Ngubani lowo othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe? Owaphulukisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayesesukile, kukhona isixuku kuleyo ndawo. Ngasemuva uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, ususindile; Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. Ngalokho abaJuda bamzingela uJesu, badinga ukumbulala, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. Kodwa uJesu wabaphendula wathi: UBaba uyasebenza kuze kube khathesi, lami ngiyasebenza. Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu.

NgokukaJohane 5:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Emva kwalokho kwaba khona umkhosi wabaJuda, uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu. Kwakulala kuyo izinkumbi zabagulayo: izimpumputhe, izinyonga, nabafe uhlangothi. Babelindele ukuzanyazanyiswa kwechibi. Ingelosi kaNkulunkulu yayehla ngezikhathi ezithile, ifike izamazamise ichibi, bese kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwalo, asinde esifweni esimphetheyo, noma ngabe sifo sini. Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engama-38. UJesu embona elele lapho, futhi azi ukuthi sekuyisikhathi eside egula, wathi kuye: “Uyathanda yini ukusinda na?” Waphendula, wathi: “Nkosi, anginamuntu ongangifaka echibini lapho lizanyazanyiswa. Kuthi nje ngiseza kulo, ngidlulwe ngomunye, angene kuqala.” UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthathe uhlaka lwakho, uhambe.” Umuntu wasinda ngaleso sikhathi, wayesethatha uhlaka lwakhe, wahamba. Ngakho-ke abaJuda bathi kulowo muntu owayesephilisiwe: “Yisabatha namuhla, akuvumelekile ukuba uthwale uhlaka lwakho.” Kepha waphendula, wathi: “Lowo ongiphilisileyo uthe kimi: ‘Thatha uhlaka lwakho uhambe.’ ” Bambuza bathi: “Ngubani lo muntu othe kuwe: ‘Thatha uhlaka lwakho uhambe’ na?” Kepha owayephilisiwe wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemonyukile, lokhu kwakukhona isixuku kuleyo ndawo. Emva kwalokho uJesu wamfica lowo muntu ethempelini, wathi kuye: “Usuphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokhu.” Lowo muntu wahamba wayobikela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. AbaJuda bamzingela uJesu ngenxa yalokho, ngokuba wayenze lokho ngesabatha. UJesu wathi kubo: “UBaba uyasebenza kuze kube manje, nami-ke ngiyasebenza.” Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.

NgokukaJohane 5:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini. Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?” Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.” UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.” Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku. Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.” Wabaphendula wathi: “Ongiphilisileyo nguyena othe kimi: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.’ ” Bambuza bathi: “Ngubani lowo muntu othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho uhambe,’ na?” Kepha ophilisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo. Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.” Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.

NgokukaJohane 5:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)