NgokukaJohane 3:9-17
NgokukaJohane 3:9-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNikhodimu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu. Uma nginitshelile ngokomhlaba, kanakholwa; pho ningakholwa kanjani uma nginitshela ngokwasezulwini na? Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa, ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.
NgokukaJohane 3:9-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNikodima waphendula wathi kuye: Kungenzeka kanjani lokhu na? UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu. Uma nginitshelile okusemhlabeni, ningakholwa, niyakukholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na? Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa; ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.
NgokukaJohane 3:9-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 3:9-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu. Nxa nginitshelile okomhlaba, kanakholwa; ningakholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na? Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.