Johane 3:9-17

Johane 3:9-17 CZB24

UNikodima waphendula wathi kuye: Kungenzeka kanjani lokhu na? UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu. Uma nginitshelile okusemhlabeni, ningakholwa, niyakukholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na? Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa; ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.

Funda Johane 3