NgokukaJohane 19:31-42
NgokukaJohane 19:31-42 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho abaJuda, njengoba kwakulilungiselelo, ukuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwaluwusuku olukhulu, acela kuPilatu ukuba yephulwe imilenze yabo, bathathwe. kude. Khona amabutho afika, aphula imilenze yowokuqala, neyomunye owayebethelwe kanye naye. Kodwa efika kuJesu, ebona ukuthi wayesefile, kawayephulanga imilenze yakhe; Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe. Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe. Futhi omunye umbhalo uthi: Bazamkhangela abamhlabayo. Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu. Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela. Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.
NgokukaJohane 19:31-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa. Ayeseza-ke amabutho, ayaphula imilenze yowokuqala neyomunye owayebethelwe naye. Kuthe lapho efika kuJesu, abona ukuthi usefile, awayephulanga imilenze yakhe. Kepha elinye lamabutho lamgwaza ngomkhonto ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi ngokushesha. Lowo obonileyo ufakazile futhi ubufakazi bakhe buqinisile, futhi lowo uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe. Ngokuba lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyukwaphulwa thambo lakhe.” Kukhona nomunye umbhalo othi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.” Kuthe sekwenzekile lokho, uJosefa wase-Arimatheya, owayengomunye wabafundi bakaJesu owayengazivezi ngenxa yokwesaba abaJuda, wahamba wayocela ukuba asisuse isidumbu sikaJesu. UPilatu wamvumela, wayesehamba, wasisusa isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikhodemu, owake wafika kuJesu ebusuku, yena-ke wayelethe ingxube yemure nenhlaba okungaba ngamalitha ayikhulu. Base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni, basigquma ngamakha njengokosiko lwabaJuda lokungcwaba. Ngakuleyo ndawo ayebethelwe khona kwakunensimu, kukhona ithuna elisha kuyo, okungakaze kubekwe muntu kulo. Ngakho-ke ngenxa yokuthi kwakulusuku lwabaJuda lokulungisela iSabatha, bambeka kulelo thuna uJesu ngoba laliseduze.
NgokukaJohane 19:31-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe. Ayeseza-ke amabutho, ayaphula imilenze yowokuqala neyomunye owayebethelwe naye. Esefika kuJesu, ebona ukuthi usefile, kawayaphulanga imilenze yakhe; kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. Obonileyo ufakazile, ubufakazi bakhe buqinisile; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani. Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.” Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.” Emva kwalokho uJosefa wase-Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu. Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku, waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra* ayikhulu. Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela. Khona ngakuleyo ndawo, lapho wayebethelwe khona esiphambanweni, kwakukhona insimu, nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo. Bambeka lapho-ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda, ngokuba ithuna laliseduze.
NgokukaJohane 19:31-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho abaJuda, njengoba kwakulilungiselelo, ukuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwaluwusuku olukhulu, acela kuPilatu ukuba yephulwe imilenze yabo, bathathwe kude. Khona amabutho afika, aphula imilenze yowokuqala, neyomunye owayebethelwe kanye naye. Kodwa efika kuJesu, ebona ukuthi wayesefile, kawayephulanga imilenze yakhe; Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe. Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe. Futhi omunye umbhalo uthi: Bazamkhangela abamhlabayo. Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu. Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela. Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.