NgokukaJohane 19:17-42

NgokukaJohane 19:17-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ezithwalele isiphambano, bahamba naye, baya endaweni okuthiwa iNdawo Yekhanda, ngesiHebheru okuthiwa iGolgotha. Bambethela lapho nabanye ababili ababemphahlile uJesu. UPilatu waloba isaziso, sashayelelwa esiphambanweni. Kwakulotshwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA. AbaJuda abaningi basifunda lesi saziso, ngokuba indawo lapho ayebethelwe khona uJesu yayiseduze nomuzi. Kwakulotshwe ngesiHebheru, ngesiRoma, nangesiGriki. Abaphristi abakhulu babaJuda bathi kuPilatu: “Ungabhali ukuthi: ‘Inkosi yabaJuda,’ kodwa ukuthi Yena wathi: ‘Ngiyinkosi yabaJuda.’ ” UPilatu waphendula, wathi: “Esengikulobile, ngikulobile.” Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, ayesethatha izingubo zakhe, azehlukanisa amaqoqo amane, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu. Ngakho-ke abonisana odwa athi ngalo: “Asingalidabuli, kodwa asenze unkatho, ukuze kubonakale ukuthi lizakuba ngelikabani.” Ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “Babelana ngezingubo zami, benza unkatho ngesembatho sami.” Amabutho akwenza-ke lokho. Ngasesiphambanweni sikaJesu kwakumi unina, udadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu embona unina nomfundi amthandayo bemi ngalapho, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.” Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela ngaleso sikhathi, lowo mfundi wamthatha uMariya, wamnakekela. Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.” Kwakubekiwe lapho isitsha esigcwele iwayini elixutshwe noviniga; base bechoma ilula othini lwehisophi ligcwele uviniga, baliyisa emlonyeni wakhe. Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa. Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa. Ayeseza-ke amabutho, ayaphula imilenze yowokuqala neyomunye owayebethelwe naye. Kuthe lapho efika kuJesu, abona ukuthi usefile, awayephulanga imilenze yakhe. Kepha elinye lamabutho lamgwaza ngomkhonto ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi ngokushesha. Lowo obonileyo ufakazile futhi ubufakazi bakhe buqinisile, futhi lowo uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe. Ngokuba lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyukwaphulwa thambo lakhe.” Kukhona nomunye umbhalo othi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.” Kuthe sekwenzekile lokho, uJosefa wase-Arimatheya, owayengomunye wabafundi bakaJesu owayengazivezi ngenxa yokwesaba abaJuda, wahamba wayocela ukuba asisuse isidumbu sikaJesu. UPilatu wamvumela, wayesehamba, wasisusa isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikhodemu, owake wafika kuJesu ebusuku, yena-ke wayelethe ingxube yemure nenhlaba okungaba ngamalitha ayikhulu. Base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni, basigquma ngamakha njengokosiko lwabaJuda lokungcwaba. Ngakuleyo ndawo ayebethelwe khona kwakunensimu, kukhona ithuna elisha kuyo, okungakaze kubekwe muntu kulo. Ngakho-ke ngenxa yokuthi kwakulusuku lwabaJuda lokulungisela iSabatha, bambeka kulelo thuna uJesu ngoba laliseduze.

NgokukaJohane 19:17-42 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Yena waphuma ethwele isiphambano sakhe, waya endaweni ebizwa ngokuthi iNdawo Yokhakhayi, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha; lapho bambethela khona, labanye ababili kanye laye, omunye ngapha, loJesu ephakathi. UPilatu waloba nombhalo, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WENAZARETHA INKOSI YABAJUDA. Leso saziso abaningi kubaJuda basifunda, ngokuba indawo lapho uJesu ayebethelwe khona yayiseduze nomuzi, futhi kulotshiwe ngesiHeberu, nangesiGreki, nangesiLatini. Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu: “Ungalobi ukuthi: Inkosi yabaJuda; kodwa ukuthi wathi: Mina ngiyiNkosi yabaJuda. UPilatu waphendula wathi: Engikubhalileyo ngikulobile. Khona amasosha esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo butho laba nesabelo; nejazi lakhe; ibhantshi lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu. Basebekhulumisana besithi: Kasingasidabuli, kodwa kasisenzele inkatho ukuthi sizakuba ngekabani; ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Babelana izembatho zami, lesambatho sami benza inkatho yokuphosa. Akwenza-ke lokho amasosha. Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. UJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi khona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho! Wasesithi kumfundi: Khangela unyoko! Kusukela kuleso sikhathi lowo mfundi wamthatha wamyisa kwakhe. Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile. Kwakubekwe isitsha esigcwele uviniga; bagcwalisa uzipho ngoviniga, baluhloma phezu kwehisopi, balubeka emlonyeni wakhe. Kuthe uJesu eselamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe.” Wagebisa ikhanda, wafa. Ngakho abaJuda, njengoba kwakulilungiselelo, ukuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwaluwusuku olukhulu, acela kuPilatu ukuba yephulwe imilenze yabo, bathathwe. kude. Khona amabutho afika, aphula imilenze yowokuqala, neyomunye owayebethelwe kanye naye. Kodwa efika kuJesu, ebona ukuthi wayesefile, kawayephulanga imilenze yakhe; Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe. Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe. Futhi omunye umbhalo uthi: Bazamkhangela abamhlabayo. Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu. Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela. Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.

NgokukaJohane 19:17-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha. Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi. Kepha uPilatu waloba isaziso, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA. Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki. Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu: “Ungalobi ukuthi: ‘Inkosi yabaJuda,’ kepha ukuba yena wathi: ‘NgiyiNkosi yabaJuda.’ ” UPilatu waphendula wathi: “Engikulobile ngikulobile.” Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu. Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: “Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani,” ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “Babelana izingubo zami, benzelana inkatho ngesambatho sami.” Lokho-ke akwenza amabutho. Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.” Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe. Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.” Kwakubekiwe khona isitsha sigcwele uviniga; khona bachoma ilula ligcwele uviniga othini lwehisopi,* baliyisa emlonyeni wakhe. Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa. Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe. Ayeseza-ke amabutho, ayaphula imilenze yowokuqala neyomunye owayebethelwe naye. Esefika kuJesu, ebona ukuthi usefile, kawayaphulanga imilenze yakhe; kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. Obonileyo ufakazile, ubufakazi bakhe buqinisile; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani. Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.” Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.” Emva kwalokho uJosefa wase-Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu. Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku, waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra* ayikhulu. Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela. Khona ngakuleyo ndawo, lapho wayebethelwe khona esiphambanweni, kwakukhona insimu, nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo. Bambeka lapho-ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda, ngokuba ithuna laliseduze.

NgokukaJohane 19:17-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Yena waphuma ethwele isiphambano sakhe, waya endaweni ebizwa ngokuthi iNdawo Yokhakhayi, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha; lapho bambethela khona, labanye ababili kanye laye, omunye ngapha, loJesu ephakathi. UPilatu waloba nombhalo, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WENAZARETHA INKOSI YABAJUDA. Leso saziso abaningi kubaJuda basifunda, ngokuba indawo lapho uJesu ayebethelwe khona yayiseduze nomuzi, futhi kulotshiwe ngesiHeberu, nangesiGreki, nangesiLatini. Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu: “Ungalobi ukuthi: Inkosi yabaJuda; kodwa ukuthi wathi: Mina ngiyiNkosi yabaJuda. UPilatu waphendula wathi: Engikubhalileyo ngikulobile. Khona amasosha esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo butho laba nesabelo; nejazi lakhe; ibhantshi lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu. Basebekhulumisana besithi: Kasingasidabuli, kodwa kasisenzele inkatho ukuthi sizakuba ngekabani; ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Babelana izembatho zami, lesambatho sami benza inkatho yokuphosa. Akwenza-ke lokho amasosha. Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. UJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi khona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho! Wasesithi kumfundi: Khangela unyoko! Kusukela kuleso sikhathi lowo mfundi wamthatha wamyisa kwakhe. Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile. Kwakubekwe isitsha esigcwele uviniga; bagcwalisa uzipho ngoviniga, baluhloma phezu kwehisopi, balubeka emlonyeni wakhe. Kuthe uJesu eselamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe.” Wagebisa ikhanda, wafa. Ngakho abaJuda, njengoba kwakulilungiselelo, ukuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwaluwusuku olukhulu, acela kuPilatu ukuba yephulwe imilenze yabo, bathathwe kude. Khona amabutho afika, aphula imilenze yowokuqala, neyomunye owayebethelwe kanye naye. Kodwa efika kuJesu, ebona ukuthi wayesefile, kawayephulanga imilenze yakhe; Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe. Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe. Futhi omunye umbhalo uthi: Bazamkhangela abamhlabayo. Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu. Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela. Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.