NgokukaJohane 17:20-23
NgokukaJohane 17:20-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile. Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye, mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.
NgokukaJohane 17:20-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Angiceleli laba bodwa, kodwa nalabo abayakukholwa yimi ngezwi labo; ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile. Nenkazimulo onginike yona ngibanikile bona; ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye; Mina ngikubo, lawe ukimi, ukuze bapheleliswe ebunyeni; ukuze izwe lazi ukuthi wena ungithumile, nokuthi ubathandile, njengalokho ungithandile mina.
NgokukaJohane 17:20-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Angiceleli laba bodwa, kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo, ukuze bonke babe munye, njengalokhu Wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile. Inkazimulo ongiphe yona, nabo ngibaphile, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye. Mina ngikubo, nawe ukimi, baze bapheleliswe ebunyeni, ukuze umhlaba wazi ukuthi Wena ungithumile, nabo wabathanda njengalokhu ungithandile.
NgokukaJohane 17:20-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)