NgokukaJohane 17:20-23

NgokukaJohane 17:20-23 ZUL59

“Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile. Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye, mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.

Video for NgokukaJohane 17:20-23