NgokukaJohane 17:13-18
NgokukaJohane 17:13-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba. Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owomhlaba. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni.
NgokukaJohane 17:13-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.
NgokukaJohane 17:13-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso. Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni.
NgokukaJohane 17:13-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)