Johane 17:13-18

Johane 17:13-18 ZULUNT

Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso. Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni.

Funda Johane 17

Video for Johane 17:13-18