NgokukaJohane 15:18-27
NgokukaJohane 15:18-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda. Khumbulani izwi engalikhuluma kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma beligcinile izwi lami, bayakuligcina nelenu. Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo. Uma bengingafikanga ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; Ongizondayo uzonda noBaba. Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono; Kodwa lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke ilizwi elilotshiweyo emthethweni wabo elithi: Bangizonda ngeze. Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami. Nani-ke nizafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.
NgokukaJohane 15:18-27 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 15:18-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uma izwe linizonda, yazini ukuthi langizonda ngaphambi kwenu. Ukuba beningabezwe, izwe belizakunithanda ngokuba ningabalo, kodwa lokhu ningesibo abalo, kodwa nganikhetha Mina ezweni, kungakho izwe linizonda. Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu. Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo. Uma bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje abanazaba ngesono sabo. Ozonda Mina, uzonda noBaba. Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba. Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’ “Lapho esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba; uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguYena oyakufakaza ngami. Nani niyakufakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.”
NgokukaJohane 15:18-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda. Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: ‘Inceku ayinkulu kunenkosi yayo.’ Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina. Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo. Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo. Ozonda mina uzonda noBaba. Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba. Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’ “Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami. Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.