Johane 15:18-27

Johane 15:18-27 CZB24

Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda. Khumbulani izwi engalikhuluma kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma beligcinile izwi lami, bayakuligcina nelenu. Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo. Uma bengingafikanga ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; Ongizondayo uzonda noBaba. Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono; Kodwa lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke ilizwi elilotshiweyo emthethweni wabo elithi: Bangizonda ngeze. Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami. Nani-ke nizafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

Funda Johane 15

Video for Johane 15:18-27