NgokukaJohane 10:6-10
NgokukaJohane 10:6-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wabalandisa lowo mzekeliso, kodwa abaqondanga ukuthi wayekhuluma ngani kubo. Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafika ngaphambi kwami babengamasela nabaphangi; izimvu azibalalelanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni. Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
NgokukaJohane 10:6-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo. Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
NgokukaJohane 10:6-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo. Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
NgokukaJohane 10:6-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo. Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.