UJeremiya 17:5-6
UJeremiya 17:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Usho kanje uSimakade, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othembela kubantu, owenza izikhwepha zakhe zibe yisihlangu sakhe, nonhliziyo yakhe isukile kuSimakade. Uyakuba njengesihlahla ogwadule, akayukukubona okuhle noma kuza kuye, uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane, ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.
UJeremiya 17:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu, ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova. Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane, angaboni ukuthi kuyeza okuhle, uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane, ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.
UJeremiya 17:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kumuntu, enze inyama ibe yingalo yakhe, onhliziyo yakhe ifulathele uJehova. Ngokuba uyakuba njengomhlengi ogwadule, angaboni lapho kufika okuhle; kodwa izahlala ezindaweni ezomileyo enkangala, elizweni likasawoti elingelamuntu.