UJeremiya 14:7-9
UJeremiya 14:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe. Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka; kungani unjengomfokazi ezweni, nanjengesihambi esingenise ukufihla ikhanda busuku bunye na? Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.
UJeremiya 14:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe. Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, yini ukuba ube njengomfokazi ezweni nanjengesihambi esingenisayo ukuba silale ubusuku nje na? Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.
UJeremiya 14:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe. O themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, kungani uyakuba njengomfokazi ezweni nanjengomhambi ophambukela ukulala ubusuku bonke na? Kungani ungaba njengomuntu omangele, njengeqhawe elingakwazi ukusindisa? kepha wena Jehova uphakathi kwethu, negama lakho libizwé phezu kwethu; ungasishiyi.