UJeremiya 14

14
Isiprofetho ngesigagadu
1Izwi likaJehova elafika kuJeremiya ngesigagadu.
2 “UJuda uyalila,
amasango akhe adangele,
ahlezi emhlabathini edabukile,
nokukhala kweJerusalema kwenyukile.
3Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini;
bafika emigodini, kepha abafumani manzi,
babuya, izitsha zabo zingenalutho;
banamahloni, bajabhile,
bamboza amakhanda abo.
4 Ngenxa yomhlabathi odabukileyo,
ngokuba akubangakho mvula ezweni,
abalimi banamahloni,
bamboza amakhanda abo.
5 Yebo, nendluzele izalela endle,
ilishiye izinyane,
ngokuba utshani abukho.
6Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho,
zihogela umoya njengamakhanka;
amehlo azo ayaphela,
ngokuba kungekho tshani.”
7Noma izono zethu zifakaza ngathi,
sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho;
ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi,
sonile kuwe.
8Themba lika-Israyeli,
msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka,
yini ukuba ube njengomfokazi ezweni
nanjengesihambi esingenisayo
ukuba silale ubusuku nje na?
9Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo,
njengeqhawe elingenakusindisa, na?
Nokho uphakathi kwethu, Jehova,
sibiziwe ngegama lakho;
ungasishiyi.
10 Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi:
“Bathanda ukuzula kanjalo,
abazibambi izinyawo zabo;
uJehova akathokozi ngabo;
manje uyakubukhumbula ububi babo,
azihambele izono zabo.”
11 UJehova wathi kimi: “Ungabakhulekeli laba bantu ukuba baphiwe okuhle. 12 Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”
13 Ngase ngithi: “E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: ‘Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela, kepha ngiyakuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.’ ”
14 Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo. 15Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe,’ uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi. 16Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.
17 “Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi:
“ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku,
zinganqamuki,
ngokuba intombi,
indodakazi yabantu bami,
ilimele ngokulimala okukhulu,
ngokushaywa okunzima kakhulu.
18Uma ngiphumela endle,
bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba,
nalapho ngingena emzini, bheka,
nampo abaphethwe yindlala,
ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe
bengazi lutho.’ ”
19 Umlahlile nokumlahla uJuda na?
Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na?
Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na?
Sihlalela ukuthula,
kepha okuhle akukho;
nesikhathi sokuphulukiswa,
kepha luvalo.
20 Jehova,
siyazi ububi bethu nokona kwawobaba,
ngokuba sonile kuwe.
21 Ungasideleli ngenxa yegama lakho,
ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho;
sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.
22 Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu
babezizwe abayize onganisa imvula?
Amazulu angaletha izihlambi na?
Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na?
Ngokuba wena wenzile konke lokhu.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 14: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume