UJeremiya 1:4-8
UJeremiya 1:4-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.
UJeremiya 1:4-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.” Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.
UJeremiya 1:4-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ngingakakubumbi esizalweni, ngakwazi; ungakaphumi esizalweni, ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni. Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! bheka, angikwazi ukukhuluma ngoba ngiyingane. Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma. Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova.