AbAhluleli 6:36-40
AbAhluleli 6:36-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Ukuze ngibone ukuthi uyakumkhulula yini u-Israyeli ngesandla sami njengoba ushilo; ngizobeka uboya esibuyeni, uma kulale amazolo phezu kwabo kuphela, kodwa komile emhlabathini, ngizokwazi ukuthi uzomkhulula u-Israyeli ngesandla sami, njengoba ushilo.” Nebala kwaba njalo. Ngesikhathi evuka ekuseni ngakusasa, wabukhama uboya, kwaphuma oboyeni amazolo ayengagcwala umcengezi wamanzi. UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Ungaluvumeli ulaka lwakho lungivuthele, ake ngikhulume futhi; ngiyakucela, ake ngilinge futhi ngoboya kube kanye; makube nguboya kuphela obomileyo, emhlabathini wonke kube khona amazolo.” UNkulunkulu wenza kanjalo ngalobo busuku. Uboya babomile, kukhona amazolo emhlabathini wonke.
AbAhluleli 6:36-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UGideyoni wathi kuNkulunkulu: “Uma uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile, bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke, ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile.” Kwaba njalo, ngokuba wavuka ekuseni ngangomuso, wabucindezela uboya, wakhama amazolo eboyeni, kwagcwala isitsha amanzi. UGideyoni wathi kuNkulunkulu: “Intukuthelo yakho mayingangivutheli, ngizakukhuluma kanye kuphela: Ake ngilinge kanye kuphela ngoboya; makube komile eboyeni bodwa, kube khona amazolo emhlabathini wonke.” Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku, ngokuba kwakomile eboyeni bodwa, kepha emhlabathini wonke kwakukhona amazolo.
AbAhluleli 6:36-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Uma ukhulula u-Israyeli ngesandla sami njengokusho kwakho, Bheka, ngiyakubeka uboya bezimvu phansi; uma amazolo eboyeni kuphela, ome emhlabeni wonke ngaphandle, ngiyakwazi ukuthi uyakumhlenga u-Israyeli ngesandla sami, njengokusho kwakho. Kwaba njalo: ngokuba wavuka ekuseni ngakusasa wahlohla uboya, wakhama amazolo eboyeni, isitsha esigcwele amanzi. UGideyoni wasesithi kuNkulunkulu: Intukuthelo yakho mayingavutheli kimi, kodwa ngizakhuluma kanye kuphela; ake ngiwuvivinye, kepha manje ngoboya; manje makuwome eboyeni kuphela, kube khona amazolo emhlabathini wonke. Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku, ngokuba kwakoma eboyeni bodwa, kwakukhona amazolo emhlabathini wonke.