UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Uma ukhulula u-Israyeli ngesandla sami njengokusho kwakho, Bheka, ngiyakubeka uboya bezimvu phansi; uma amazolo eboyeni kuphela, ome emhlabeni wonke ngaphandle, ngiyakwazi ukuthi uyakumhlenga u-Israyeli ngesandla sami, njengokusho kwakho. Kwaba njalo: ngokuba wavuka ekuseni ngakusasa wahlohla uboya, wakhama amazolo eboyeni, isitsha esigcwele amanzi. UGideyoni wasesithi kuNkulunkulu: Intukuthelo yakho mayingavutheli kimi, kodwa ngizakhuluma kanye kuphela; ake ngiwuvivinye, kepha manje ngoboya; manje makuwome eboyeni kuphela, kube khona amazolo emhlabathini wonke. Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku, ngokuba kwakoma eboyeni bodwa, kwakukhona amazolo emhlabathini wonke.
Funda Abahluleli 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Abahluleli 6:36-40
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo