AbAhluleli 2:6-23
AbAhluleli 2:6-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ukuba uJoshuwa abakhulule abantu, abakwa-Israyeli babuyela efeni labo ezweni ababelwe lona. Abantu bamkhonza uSimakade zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangazo zonke izinsuku zezingwevu ezaphila kade kunoJoshuwa, ezaziwubonile wonke umsebenzi omkhulu uSimakade ayewenzele u-Israyeli. UJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110. Bamngcwaba emngceleni wefa lakhe eThimnathi Heresi, kwelezintaba kwa-Efrayimi, enyakatho yentaba iGahashi. Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli. Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali; bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade. Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo. Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu. USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga. Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo. Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha. Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami, angiyukuphinde ngixoshe abantu phambi kwabo, noma yisiphi sesizwe kwezashiywa nguJoshuwa ekufeni kwakhe, ukuze uSimakade amvivinye u-Israyeli, abone ukuthi uyakuqikelela yini noma qha ukuhamba ngezindlela zakhe njengoba benza okhokho babo.” USimakade wazishiya lezo zizwe, akaze azixosha kanyekanye, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.
AbAhluleli 2:6-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJoshuwa esemukisile abantu, abantwana bakwa-Israyeli bahamba, yilowo nalowo waya efeni lakhe ukuba balidle izwe. Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi. Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali; bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova. Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo. Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu. UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo. Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo. Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo. Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani. Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami, angiyikuphinda ngixoshe phambi kwabo noyedwa walezo zizwe azishiyayo uJoshuwa ekufeni kwakhe, ukuze ngivivinye ngazo u-Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.” UJehova wayeseyeka lezo zizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.
AbAhluleli 2:6-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho uJoshuwa emukisa abantu, abantwana bakwa-Israyeli baya, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe ukuba badle ifa lezwe. Abantu bamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga ayesephila emva kukaJoshuwa ababona zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzele u-Israyeli. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnatha ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba iGahashi. Sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise, kwavela esinye isizukulwane emva kwaso uJehova ayengasazi nemisebenzi ayeyenzele u-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali. Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu bezizwe ezazibazungeza, bakhothamela, bamcunula uJehova intukuthelo. Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo. Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu. Kodwa uJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni salabo ababebaphanga. Nokho kabalalelanga abahluleli bawo, kodwa baphinga ngokulandela abanye onkulunkulu, babakhothamela. Kodwa kabakwenzanga lokho. Kwathi lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo zonke izinsuku zomahluleli; ngokuba uJehova wazisola kubo, wakhala ngenxa yalabo ababebacindezela. Futhi wabacasula. Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli; wathi: “Ngokuba laba bantu beqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, bengalalelanga izwi lami; Futhi kusukela manje kuqhubeke ngeke ngixoshe muntu phambi kwabo ezizweni uJoshuwa azishiya lapho efa. Ukuze ngivivinye u-Israyeli ngabo uma bayakuyigcina indlela kaJehova ukuhamba ngayo njengalokho oyise bayigcina, noma qha. Ngalokho uJehova wazishiya lezo zizwe, angazixoshanga ngokuphangisa; futhi akabanikelanga esandleni sikaJoshuwa.