AbAhluleli 2:11-19
AbAhluleli 2:11-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali; bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova. Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo. Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu. UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo. Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo. Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo. Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.
AbAhluleli 2:11-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali; bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade. Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo. Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu. USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga. Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo. Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha. Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.
AbAhluleli 2:11-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali; bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova. Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo. Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu. UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo. Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo. Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo. Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.
AbAhluleli 2:11-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali. Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu bezizwe ezazibazungeza, bakhothamela, bamcunula uJehova intukuthelo. Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo. Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu. Kodwa uJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni salabo ababebaphanga. Nokho kabalalelanga abahluleli bawo, kodwa baphinga ngokulandela abanye onkulunkulu, babakhothamela. Kodwa kabakwenzanga lokho. Kwathi lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo zonke izinsuku zomahluleli; ngokuba uJehova wazisola kubo, wakhala ngenxa yalabo ababebacindezela. Futhi wabacasula. Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni.