U-Isaya 53:2-6
U-Isaya 53:2-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kodwa yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kepha thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
U-Isaya 53:2-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
U-Isaya 53:2-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba uyakumila phambi kobuso bakhe njengehlumela, nanjengempande emhlabathini owomileyo; futhi lapho sizoMbona, akukho buhle ukuthi singaMfisa. Udelelekile, waliwa ngabantu; umuntu wosizi nojwayelene nosizi; futhi samfihlela ubuso bethu njengokungathi; wayedelelekile, futhi asizange simhloniphe. Yebo, wathwala usizi lwethu, wathwala usizi lwethu, kepha thina sathi ishaywe, ishaywe nguNkulunkulu, icindezelwe. Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina. Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.