U-Isaya 53:2-6
![U-Isaya 53:2-6 - Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe,
nanjengempande emhlabathini owomileyo;
yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke,
yayingabukeki ukuba siyifune.
Yayideleliwe, yashiywa ngabantu,
umuntu wobuhlungu owazi ukugula;
yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,
asiyishayanga nto yalutho.
Kepha yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kodwa thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
Thina sonke sidukile njengezimvu;
yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;
uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2F320x320%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fstatic-youversionapi-com%2Fimages%2Fbase%2F3135%2F1280x1280.jpg&w=640&q=75)
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune. Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
U-Isaya 53:2-6