U-Isaya 51:11-12
U-Isaya 51:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula. “Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
U-Isaya 51:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya, bafike eSiyoni bejabula; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo, bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke. “Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?
U-Isaya 51:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni ngokuthokoza; futhi injabulo yaphakade iyoba phezu kwekhanda labo; bayothola intokozo nentokozo; usizi nokulila kuyakubaleka. Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani