U-Isaya 50:7-10
U-Isaya 50:7-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngakho-ke angiyikuma nginamahloni; Useduze ongilungisisayo; ngubani ongangiphikisa? asime ndawonye: ngubani omelene nami? akeze kimi. Bheka, iNkosi uJehova iyangisiza; ngubani ongangahlulela na? bheka, bonke bayakuguga njengengubo; inundu lizabadla libaqede. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe.
U-Isaya 50:7-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha. Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi. Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?
U-Isaya 50:7-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha. Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi. Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza; ngubani oyakungilahla na? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.