U-Isaya 5:1-7
U-Isaya 5:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivunde kakhulu. Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle. “Manje-ke, nina enakhe eJerusalema nani nonke kwaJuda, ake nehlulele phakathi kwami nesivini sami. Yini esafanele ukwenziwa kuso engingayenzanga kuso na? Kungani ukuba ngithi ngilindele ukuthi sithele izithelo zomvini, sona sathela izithelo zasendle na? Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe. Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.” Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.
U-Isaya 5:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu; wasimba, wakhipha amatshe aso, wasitshala ngomvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle. “Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda, ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami. Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, saveza izithelo zasendle, na? Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe. Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.” Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.
U-Isaya 5:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Manje sengizahlabelela othandiweyo wami ingoma yothandiweyo wami mayelana nesivini sakhe. Othandiweyo wami unesivini egqumeni elivundile. Yasibiyela, yakhipha amatshe aso yatshala kuso umvini omuhle kakhulu wakha umbhoshongo phakathi kwaso, wenza nesikhamo sewayini kuso; futhi wabheka ukuthi yayiyoveza izithelo zomvini, futhi yathela izithelo zomvini zasendle. Manje, nina bakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda, yahlulelani phakathi kwami nesivini sami. Yini enye engenziwa esivini sami engingayenzanga kuso na? ngani, lapho ngibona ukuthi iyakuthela izithelo zomvini, yathela izithelo zasendle, na? Manje hambani niye; Ngiyakunitshela engiyakwenza esivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, siqedwe; futhi uyobhidliza udonga lwawo, futhi uyonyathelwa phansi. Futhi ngiyakuwuchitha: awuyikuthenwa, noma umbiwe; kodwa kuyakumila ikhakhasi nameva. Ngiyakuyala namafu ukuba anganisi phezu kwawo. Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, nabantu bakwaJuda yisithombo sakhe esimnandi; funa ubulungisa, kepha bheka, ukukhala.