U-Izaya 5:1-7

U-Izaya 5:1-7 ZUL20

Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivunde kakhulu. Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle. “Manje-ke, nina enakhe eJerusalema nani nonke kwaJuda, ake nehlulele phakathi kwami nesivini sami. Yini esafanele ukwenziwa kuso engingayenzanga kuso na? Kungani ukuba ngithi ngilindele ukuthi sithele izithelo zomvini, sona sathela izithelo zasendle na? Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe. Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.” Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.

Funda U-Izaya 5