U-Isaya 40:29-31
U-Isaya 40:29-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
U-Isaya 40:29-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
U-Isaya 40:29-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Unika okhatheleyo amandla; nakulabo abangenawo amandla, uyabandisa amandla. Ngisho nezinsizwa ziyokhathala futhi zikhathale, nezinsizwa ziyowa ngokuphelele. Kepha abamethembayo uJehova bathola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayogijima bangakhathali; futhi bayohamba bangadangali.