UHoseya 11:7-9
UHoseya 11:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo. “Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe. Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.
UHoseya 11:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abantu bami bavame ukumuka kimi; noma bebiza koPhezukonke, akekho oyomphakamisa. Ngingakulahla kanjani, Efrayimi? ngingakusindisa kanjani, Israyeli? ngingakufanisa kanjani ne-Adma? ngingakumisa kanjani njengeSeboyimi na? inhliziyo yami yaphenduka phakathi kwami, ukuzisola kwami kwavutha kanyekanye. Angiyikuvumela ukuvutha kolaka lwami kunqobe, angiyikubuya ngichithe u-Efrayimi; ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; oNgcwele phakathi kwakho, futhi angiyikungena emzini.
UHoseya 11:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise. “Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe. Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.