KumaHeberu 5:7-9
KumaHeberu 5:7-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe; Noma ebeyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo
KumaHeberu 5:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Nakuba eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho, okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.
KumaHeberu 5:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo
KumaHeberu 5:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)