KumaHeberu 5:1-4
KumaHeberu 5:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka; ngenxa yabo, kufanele ukuba njengalokhu enikela imihlatshelo ngenxa yezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.
KumaHeberu 5:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka. Ngakho ngenxa yalokhu ufanele ukuthi, njengalokhu enikela ngezono zabantu, ngokunjalo laye ngokwakhe. Akakho ozithathela lolu dumo, kuphela obizwe nguNkulunkulu njengo-Aroni.
KumaHeberu 5:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka. Ngakho ngenxa yalokhu ufanele ukuthi, njengalokhu enikela ngezono zabantu, ngokunjalo laye ngokwakhe. Akakho ozithathela lolu dumo, kuphela obizwe nguNkulunkulu njengo-Aroni.
KumaHeberu 5:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka; ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.