KumaHeberu 5:1-10
KumaHeberu 5:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka. Ngakho ngenxa yalokhu ufanele ukuthi, njengalokhu enikela ngezono zabantu, ngokunjalo laye ngokwakhe. Akakho ozithathela lolu dumo, kuphela obizwe nguNkulunkulu njengo-Aroni. Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ukuba abe ngumpristi omkhulu; kodwa owathi kuye: Wena uyiNdodana yami, lamuhla ngikuzele. njengoba esho nakwenye indawo ukuthi: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki. Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe; Noma ebeyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo; ebizwa ngokuthi nguNkulunkulu umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.
KumaHeberu 5:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka; ngenxa yabo, kufanele ukuba njengalokhu enikela imihlatshelo ngenxa yezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni. Kanjalo noKhristu akazinikanga Yena udumo lokuba ngumPhristi Omkhulu, kodwa wadunyiswa yilowo owakhuluma kuye wathi: “Wena uyiNdodana yami; namuhla ngikuzele.” Njengalokhu esho kwenye indawo, ethi: “Wena ungumphristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkhizedeki.” Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Nakuba eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho, okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo. Wabizwa nguNkulunkulu ngokuthi ungumphristi omkhulu ngokokuma kukaMelkhizedeki.
KumaHeberu 5:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka; ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni. Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,” njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki,” owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo, ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.
KumaHeberu 5:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka. Ngakho ngenxa yalokhu ufanele ukuthi, njengalokhu enikela ngezono zabantu, ngokunjalo laye ngokwakhe. Akakho ozithathela lolu dumo, kuphela obizwe nguNkulunkulu njengo-Aroni. Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ukuba abe ngumpristi omkhulu; kodwa owathi kuye: Wena uyiNdodana yami, lamuhla ngikuzele. Njengoba esho nakwenye indawo ukuthi: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki. Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe; Noma ebeyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo; ebizwa ngokuthi nguNkulunkulu umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.