KumaHeberu 4:14-15
KumaHeberu 4:14-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke lokhu sinomPhristi omkhulu kakhulu odabule amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu. Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.
KumaHeberu 4:14-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu. Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
KumaHeberu 4:14-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu. Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.
KumaHeberu 4:14-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)