KumaHeberu 4:1-13

KumaHeberu 4:1-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso. Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo; Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba. Ngokuba wakhuluma ngosuku lwesikhombisa kanje, wathi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke; Lakulokhu futhi: Uba bezakungena ekuphumuleni kwami. Ngakho lokhu kusasele ukuthi abanye bangene kulo, lalabo okwatshunyayelwa kubo kuqala kabangenanga ngenxa yokungakholwa; Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu. Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku. Ngakho-ke abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula; Ngoba lowo ongene ekuphumuleni kwakhe, laye uphumula emisebenzini yakhe, njengoNkulunkulu kweyakhe. Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa. Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo. Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.

KumaHeberu 4:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho-ke lokhu kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masesabe, ukuze kungabi bikho namunye, funa kube khona oyedwa kini obonakala esala emuva esithembisweni sokungena, esisekhona. Ngokuba impela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo, kodwa izwi abalizwayo alizange libasize bona, lokhu bengalemukelanga ngokukholwa lapho belizwa. Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe, ethi: “Kanjalo ngafunga ngithukuthele, ngathi: ‘Abasoze bangena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yakhe yayisiqediwe kwasekusekelweni komhlaba. Phela endaweni ethile ushilo ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke.” Nakule ndawo futhi, uthi: “Abayukungena nhlobo ekuphumuleni kwami.” Ngakho-ke kuyakhanya ukuthi abathile babekelwe ukungena ekuphumuleni, nalabo ekuqaleni abalizwa ivangeli abangenanga ngenxa yokungalaleli kwabo. Uyanquma futhi usuku okuthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka, njengalokhu kwashiwo ngaphambilini ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.” Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku. Ngakho-ke likhona iSabatha kubantu bakaNkulunkulu. Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uyaphumula emisebenzini yakhe njengalokhu uNkulunkulu aphumula kweyakhe. Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli. Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo. Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.

KumaHeberu 4:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva. Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa. Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: “Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe. Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,” nakule ndawo uthi futhi: “Abayikungena ekuphumuleni kwami.” Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli, uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.” Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku. Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha. Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe. Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli. Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo; futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.

KumaHeberu 4:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso. Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo; Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba. Ngokuba wakhuluma ngosuku lwesikhombisa kanje, wathi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke; Lakulokhu futhi: Uba bezakungena ekuphumuleni kwami. Ngakho lokhu kusasele ukuthi abanye bangene kulo, lalabo okwatshunyayelwa kubo kuqala kabangenanga ngenxa yokungakholwa; Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu. Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku. Ngakho-ke abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula; Ngoba lowo ongene ekuphumuleni kwakhe, laye uphumula emisebenzini yakhe, njengoNkulunkulu kweyakhe. Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa. Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo. Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo