KumaHeberu 2:1-4
KumaHeberu 2:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele. Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukweqa nokungalaleli kuthola umvuzo ofanele; Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo; UNkulunkulu laye efakaza ngabo ngezibonakaliso, lezimanga, langezimangaliso ezitshiyeneyo, lezipho zikaMoya oNgcwele, njengokwentando yakhe?
KumaHeberu 2:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho. Ngokuba izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniswa, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwajeziswa ngokufanaleyo. Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo. UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.
KumaHeberu 2:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe. Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo, thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo, uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.
KumaHeberu 2:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)