KumaHeberu 12:4-11
KumaHeberu 12:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Anikalwi kuze kube segazini nilwa nesono. Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo; Ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo, ishaye yonke indodana eyamukelayo. Uma nibekezelela ukulaywa, uNkulunkulu uniphatha njengamadodana; ngoba yiyiphi indodana uyise angayilayayo? Kepha uma ningalaywa abahlanganyela kukho bonke, niyizigqila, anisiwo amadodana. Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na? Ngokuba bona basilaya izinsukwana njengokuthanda kwabo; kodwa yena kube yinzuzo yethu, ukuze sihlanganyele ubungcwele bakhe. Kepha ukujeziswa okwamanje akubonakali kuthokozisa, kodwa kubuhlungu
KumaHeberu 12:4-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

KumaHeberu 12:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Anikamelani nezono, nilwe kuze kube segazini. Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola; ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.” Bekezelani nxa niyalwa; uNkulunkulu uniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana uyise angayiyaliyo na? Kepha uma nina ningayalwa, njengalokhu kwenziwa kanjalo kubo bonke, khona-ke ningamavezandlebe, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na? Bona babesiyala okwesikhashana njengokubona kwabo, kodwa Yena usiyala ukuze sisizakale, sithole ukuhlanganyela ebungcweleni bakhe. Ukuyala konke esikhathini samanje akusiyo into emnandi, kodwa kubuhlungu, ekugcineni kuyabathelela isithelo sokuthula nokulunga labo abaqeqeshwe yikho.
KumaHeberu 12:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini; senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo, ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.” Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na? Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na? Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe. Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.