KumaHeberu 12:1-17
KumaHeberu 12:1-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke nathi njengoba sizungezwe ifu elingaka lawofakazi, masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokubekezela umncintiswano obekwe phambi kwethu, sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Ngokuba bhekani yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla engqondweni yenu. Anikalwi kuze kube segazini nilwa nesono. Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo; Ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo, ishaye yonke indodana eyamukelayo. Uma nibekezelela ukulaywa, uNkulunkulu uniphatha njengamadodana; ngoba yiyiphi indodana uyise angayilayayo? Kepha uma ningalaywa abahlanganyela kukho bonke, niyizigqila, anisiwo amadodana. Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na? Ngokuba bona basilaya izinsukwana njengokuthanda kwabo; kodwa yena kube yinzuzo yethu, ukuze sihlanganyele ubungcwele bakhe. Kepha ukujeziswa okwamanje akubonakali kuthokozisa, kodwa kubuhlungu; Ngakho-ke phakamisani izandla eziwileyo namadolo axegayo; Nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo, ukuze okuqhugayo kungaphambuki endleleni; kodwa kunalokho kakulaliswe. Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho; nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo; funa kube khona isifebe, noma ohlambalazayo, njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngokudla kanye. Ngokuba niyazi ukuthi ngasemuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akafumananga indawo yokuphenduka, nakuba ekufunisisa ngezinyembezi.
KumaHeberu 12:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu. Anikamelani nezono, nilwe kuze kube segazini. Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola; ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.” Bekezelani nxa niyalwa; uNkulunkulu uniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana uyise angayiyaliyo na? Kepha uma nina ningayalwa, njengalokhu kwenziwa kanjalo kubo bonke, khona-ke ningamavezandlebe, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na? Bona babesiyala okwesikhashana njengokubona kwabo, kodwa Yena usiyala ukuze sisizakale, sithole ukuhlanganyela ebungcweleni bakhe. Ukuyala konke esikhathini samanje akusiyo into emnandi, kodwa kubuhlungu, ekugcineni kuyabathelela isithelo sokuthula nokulunga labo abaqeqeshwe yikho. Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo. Nizenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuze okuqhugayo kungaphinyizeki, kunalokho kuphiliswe. Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi. Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo. Makungabi bikho muntu oxegelwa yisimilo, kumbe odumazayo njengo-Esawu owathengisa ngobuzibulo bakhe ngesidlo esisodwa nje. Niyazi ukuthi kamuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, akabe esalithola ithuba lokuphenduka, nakuba esekufunisisa ngezinyembezi.
KumaHeberu 12:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu. Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini; senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo, ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.” Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na? Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na? Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe. Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho. Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo, nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe. Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi; niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo, kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje. Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.
KumaHeberu 12:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)