KumaHeberu 1:2-14

KumaHeberu 1:2-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe; Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu; enziwe waba ngcono kakhulu kunezingelosi, njengalokho ezuze ngefa igama elihle kakhulu kunelazo. Ngoba yiyiphi yezingilosi ake atsho kuyo ukuthi: Wena uyiNdodana yami, lamuhla mina ngikuzele? Futhi futhi: Mina ngiyoba uYise kuyo, futhi uyoba yiNdodana kimi? Futhi lapho eseletha olizibulo emhlabeni, uthi: Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye. Nangezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezikhonzi zakhe amalangabi omlilo. Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho. Ukuthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho. Futhi: Wena, Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; nezulu liyimisebenzi yezandla zakho; Ziyakubhubha; kodwa wena uhlala; futhi zonke ziyoguga njengengubo; Futhi njengesambatho uyakuzisonga, futhi ziyakuguqulwa; kepha wena unjalo, neminyaka yakho ayiyikuphela. Kodwa yiyiphi yezingilosi ake atsho kuyo ukuthi: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho? Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?

KumaHeberu 1:2-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe. Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu. Seyaba nkulu kunezingelosi, njengoba igama eliyifa layo likhulu kunelazo. Ngokuba yiyiphi phakathi kwezingelosi ake athi kuyo: “Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele,” na? nokuthi: “Ngiyakuba nguYise kuyona, Yona ibe yiNdodana kimina,” na? Mhla futhi eletha izibulo emhlabeni uthi: “Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.” Nangezingelosi, uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.” Kepha ngeNdodana, uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, simi kuze kube phakade; nentonga yokulunga, iyintonga yombuso wakho. Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangani bakho.” Nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho. Wona ayobhubha, kodwa Wena umi njalo, wona wonke ayoguga njengengubo. Njengesembatho uyakuwasonga, ayakuguquka njengengubo, kodwa Wena unguye njalo iminyaka yakho ayiyukuphela.” Kepha yiyiphi ezingelosini ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho” na? Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?

KumaHeberu 1:2-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe. Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu, seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo. Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,” na? nokuthi: “Ngiyakuba nguYise kuyona, yona ibe yiNdodana kimina,” na? Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi: “Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.” Ngezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.” Kepha ngeNdodana uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho. Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu,” nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho. Wona ayakubhubha, kepha wena umi njalo; wona onke ayakuguga njengengubo. Njengesambatho uyakuwagoqonga, njengengubo ayakuguquka. Kepha wena unguye njalo, iminyaka yakho ayiyukuphela.” Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na? Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

KumaHeberu 1:2-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)