Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe; Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu; enziwe waba ngcono kakhulu kunezingelosi, njengalokho ezuze ngefa igama elihle kakhulu kunelazo. Ngoba yiyiphi yezingilosi ake atsho kuyo ukuthi: Wena uyiNdodana yami, lamuhla mina ngikuzele? Futhi futhi: Mina ngiyoba uYise kuyo, futhi uyoba yiNdodana kimi? Futhi lapho eseletha olizibulo emhlabeni, uthi: Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye. Nangezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezikhonzi zakhe amalangabi omlilo. Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho. Ukuthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho. Futhi: Wena, Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; nezulu liyimisebenzi yezandla zakho; Ziyakubhubha; kodwa wena uhlala; futhi zonke ziyoguga njengengubo; Futhi njengesambatho uyakuzisonga, futhi ziyakuguqulwa; kepha wena unjalo, neminyaka yakho ayiyikuphela. Kodwa yiyiphi yezingilosi ake atsho kuyo ukuthi: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho? Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?
Funda KumaHeberu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHeberu 1:2-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo