UHagayi 2:10-19

UHagayi 2:10-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngosuku lwama-24 enyangeni yesishiyagalolunye, ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu, kwafika izwi likaSimakade kuHagayi umphrofethi, lathi: “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake ubuze abaphristi ngomthetho, uthi: Uma umuntu ephethe inyama engcwelisiweyo ingasemphethweni wengubo yakhe, bese ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla okuphekiwe, noma iwayini noma amafutha noma ngabe yikuphi ukudla, sekuyakuba ngcwele yini na?’ ” Abaphristi baphendula bathi: “Cha.” Wayesethi uHagayi: “Uma umuntu engcoliswe yisidumbu bese ethinta noma yikuphi kwalokho, ngabe kuyakungcola yini na?” Abaphristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.” Waqhubeka uHagayi wathi: “Banjalo-ke laba bantu, sinjalo lesi sizwe phambi kwami,” kusho uSimakade; “unjalo wonke umsebenzi wezandla zabo, nalokho abayakukwethula nakho kungcolile. “Ngakho-ke ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, ukuthi kwakunjani kungakabekwa itshe phezu kwelinye ethempelini likaSimakade, ngaleso sikhathi lapho umuntu eya endundumeni yezilinganiso ezingama-20, kodwa kube lishumi nje, nalapho eya emiphongolweni yewayini lezilinganiso ezingama-50, kodwa athole elezingama-20 kuphela. Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade. “Ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, kusukela ngosuku lwama-24 enyangeni yesishiyagalolunye, mhla kubekwa isisekelo sethempeli likaSimakade, nibeke enhliziyweni yenu ngalokho. Isekhona yini imbewu enqolobaneni na? Imivini, imikhiwane, amahananadi, iminqumo akuthelanga. Kodwa kusukela ngalolu lusuku ngiyakukubusisa.”

Dlulisela
Funda UHagayi 2

UHagayi 2:10-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngolwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuHagayi umprofethi, lathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake ubabuze abapristi ngomthetho, uthi: Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ” Abapristi baphendula bathi: “Qha.” Wayesethi uHagayi: “Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na?” Abapristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.” Wayesethatha uHagayi, wathi: “ ‘Banjalo laba bantu, sinjalo lesi sizwe ngaphambi kwami,’ usho uJehova; ‘injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile. “ ‘Ake nibeke ezinhliziyweni zenu manje, kusukela kulolu suku nangaphambili, ukuthi kungakabekwa itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova, kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje. Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi,’ usho uJehova. ‘Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu, kusukela kulolu suku nangaphambili, kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova, yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu. Imbewu isesibuyeni na? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati,* neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.’ ”

Dlulisela
Funda UHagayi 2

UHagayi 2:10-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, ngomnyaka wesibili kaDariyu, izwi likaJehova lafika ngoHagayi umprofethi, lathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Buza manje kubapristi ngomthetho, uthi: Uma umuntu ephethe inyama engcwele esiqeshini sengubo yakhe, athinte isinkwa noma okuphuzwayo noma iwayini noma amafutha nanoma iyiphi enye inyama, ingabe kufanele kube ngcwele? Abapristi baphendula bathi: Hatshi. Wayesethi uHagayi: “Uma ongcoliswe isidumbu ethinta enye yalezi zinto, iyakungcoliswa na?” Abapristi basebephendula bathi: Kuzakuba ngokungcolileyo. Wayesephendula uHagayi, wathi: “Kunjalo ngalaba bantu, kanjalo lesi sizwe siphambi kwami,” usho uJehova; unjalo wonke umsebenzi wezandla zabo; nabanikela ngakho lapho kungcolile. Manje qaphelani kusukela kulolu suku kuqhubeke, ngaphambi kokuba kubekwe itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova. Kusukela kulezo zinsuku lapho umuntu efika enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakukhona eziyishumi kuphela; lapho kufika amanoni esikhamo ukuba akhiphe izitsha ezingamashumi ayisihlanu emshinini, zazingamashumi amabili kuphela. Nganishaya ngamabele ahandlekayo, nangamazolo, nangesichotho, kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova. Manje qaphelani, kusukela kulolu suku kuya phambili, kusukela osukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, yebo, kusukela osukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova, qaphelani. Imbewu isekhona yini esiphaleni na? yebo, umvini, nomkhiwane, nomhalananda, nomnqumo, akukatheli; kusukela namuhla ngizokubusisa.

Dlulisela
Funda UHagayi 2