UHagayi 1:5-6
UHagayi 1:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu. Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’
UHagayi 1:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu. Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”
UHagayi 1:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Manje, usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani izindlela zenu. Nihlwanyele okuningi, ningenise okuncane; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha anisuthi ngokuphuzwayo; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; noholayo uhola ngokuwaphonsa esikhwameni esinezimbobo.