UGenesise 41:9-36

UGenesise 41:9-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Induna yabaphathindebe kaFaro yathi kuye: “Namhlanje ngiyawakhumbula amacala ami. UFaro wayezithukuthelele izinceku zakhe, mina nenduna yababhakizinkwa wasigquma ejele, endlini yomphathi wabaqaphi. Ngabusuku bunye saphupha, yilowo nalowo iphupho elinencazelo eyehlukile kwelomunye. Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo, kwaba njengoba lalishilo, mina ngabuyiselwa esikhundleni sami, kwathi induna yababhakizinkwa yaphanyekwa.” UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro. UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.” UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.” UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe ngimi osebeni lomfula iNayili; kwakhuphuka emfuleni izinkomazi eziyisikhombisa ezibukeka kahle ezikhulupheleyo, zaklaba emhlangeni. Emva kwazo kwase kukhuphuka ezinye izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo zibukeka kabi. Angikaze ngizibone izinkomazi ezimbi ngale ndlela kulo lonke iGibhithe. Izinkomazi ezondileyo, ezibukeka kabi, zadla lezi zokuqala ezikhulupheleyo. Kuthe sezizidlile, akwabonakala mehluko wokuthi kukhona ezikudlileyo, zazibukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.” “Ngabuye ngabona ephusheni izikhwebu eziyisikhombisa zibelethwe wuhlanga olulodwa, ziphelele, zizinhle. Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga. Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya lezo ezinhle. Ngizazisile izanusi ngalawa maphupho, kodwa asikho esingichazele wona.” UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza. Izinkomazi eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa, nezikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa. Yiphupho elilodwa lelo. Izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo nezibukeka kabi ezakhuphuka emva kwezinye, ziyiminyaka eyisikhombisa, kanjalo nezikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo, zashiswa ngumoya weshisandlu wasempumalanga, ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala. Lokhu engikushilo kuFaro, yilokho uNkulunkulu azokwenza, futhi umembulele khona uFaro. Uyabona-ke, kuzoba khona iminyaka eyisikhombisa yenala kulo lonke iGibhithe. Kuyolandela iminyaka eyisikhombisa yendlala, eyokwenza iminyaka yenala ikhohlweke eGibhithe, iyolikhahlameza kakhulu lonke izwe. Akusayukukhumbuleka ukuthi kwake kwaba khona inala ngenxa yendlala elandelayo, eyoba nzima kakhulu ezweni. Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze. Ngakho-ke uFaro makafune umuntu okhaliphileyo, nokwazi ukuhluza izinto, ambeke phezu kwalo lonke iGibhithe. UFaro makenze kanjalo, aqoke izibonda zengamele lonke iGibhithe, ukuze ziqokelele ingxenye eyodwa kweziyisihlanu yesivuno esizotholakala kule minyaka eyisikhombisa yenala. Mabaqokelele konke ukudla kule minyaka emihle yenala, bakugcine ezinqolobaneni phansi kwesandla sikaFaro, bakulondoloze emizini. Lokhu kudla kufanele kulondolozelwe izwe lonke ukuze likwazi ukubhekana neminyaka eyisikhombisa yendlala, ezokhungatha iGibhithe, ngaleyo ndlela izwe lingashatshalaliswa yindlala.”

UGenesise 41:9-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro, ithi: “Ngiyakhumbula namuhla amacala ami. UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa. Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe. Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe. Kwathi njengalokho yasichazela, kwaba njalo; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.” UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro. Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.” UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.” UFaro wakhuluma kuJosefa, wathi: “Ephusheni lami, bheka, ngangimi ogwini lomfula; bheka, kwase kukhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezikhulupheleyo ezibukeka kahle; zadla emhlangeni. Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe. Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo. Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama. “Futhi ngabona ephusheni lami, bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle. Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo. Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.” UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona. Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye. Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala. “Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro. Bheka, kuyeza iminyaka eyisikhombisa yenala enkulu ezweni lonke laseGibithe. Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe. Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu. Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze. “Manje uFaro makakhethe umuntu oqaphelayo ohlakaniphileyo, ambeke phezu kwezwe laseGibithe. Makenze njalo uFaro, abeke ababonisi phezu kwezwe, bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala. Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde. Lokhu kudla kuyakubekelelwa izwe ngenxa yeminyaka eyisikhombisa yendlala eyakuba khona ezweni laseGibithe ukuba izwe lingabhubhi ngendlala.”

UGenesise 41:9-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Induna yabaphathizitsha yasikhuluma kuFaro, yathi: Lamuhla ngicabanga iziphambeko zami; UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe, wangifaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, mina nenduna yababhaki. Saphupha iphupho ngabusuku bunye, mina naye; saphupha, kwaba yilowo nalowo njengokuchazwa kwephupho lakhe. Kwakukhona kanye lathi ijaha elingumHebheru, inceku yenduna yemilindankosi; samtshela lokho, wasichazela amaphupho ethu; wachaza kwaba yilowo nalowo njengephupho lakhe. Kwasekusithi njengokusichasisela kwakhe, kwaba njalo; mina wangibuyisela esikhundleni sami, yena wamxhoma. UFaro wayesethumela wambiza uJosefa, baphangisa ukumkhipha emgodini; waphuca, wagqoka izingubo zakhe, wangena kuFaro. UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, akakho ongalichaza; futhi ngizwile uthi uyakwazi ukuqonda iphupho ukuze ulichaze. UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukho kimi; uNkulunkulu uyakumphendula uFaro ngokuthula.” UFaro wasesithi kuJosefa: Ephutsheni lami, khangela, ngimi osebeni lomfula. Bheka, kwakhuphuka emfuleni izinkomo eziyisikhombisa, ezikhuluphele, zibukeka kahle; badla edlelweni. Bheka, kwakhuphuka ezinye izinkomo eziyisikhombisa emva kwazo, zimbi, ezimbi kakhulu, zizacile, engingakaze ngizibone ezweni lonke laseGibithe ngenxa yobubi. Izinkomo ezondile nezibuthakathaka zadla izinkomo eziyisikhombisa ezikhuluphele. Kwathi sebedlile, akwaziwa ukuthi balidlile; kodwa zazisezimbi njengasekuqaleni. Ngakho ngavuka. Ngabona ephusheni lami, bheka, kwamila izikhwebu eziyisikhombisa ohlangeni lunye, zigcwele, zizinhle; Bheka, kwavela emva kwazo izinhlamvu eziyisikhombisa ezibunile, ezincane, zipheshulwa ngumoya wasempumalanga. Izikhwebu ezondile zadla izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle, ngazitshela izanusi; kodwa kwakungekho owayengangichazela. UJosefa wasesithi kuFaro: Iphupho likaFaro linye: UNkulunkulu wamambulela uFaro azakukwenza. Izinkomo eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; lemithambo eyisikhombisa emihle iyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye. Izinkomo eziyisikhombisa ezacile nezibuthakathaka ezakhuphuka emva kwazo zazineminyaka eyisikhombisa ubudala; imithambo eyisikhombisa engenalutho evunguza umoya wasempumalanga iyakuba yiminyaka eyisikhombisa yendlala. Nanti izwi engalikhuluma kuFaro: Lokho uNkulunkulu ahlose ukukwenza, uyakubonisa uFaro. Bheka, kukhona iminyaka eyisikhombisa yenala enkulu ezweni lonke laseGibithe; Emva kwayo kuyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; futhi yonke inala iyokhohlakala ezweni laseGibhithe; indlala iyakudla izwe; Inala ayisayikwaziwa ezweni ngenxa yendlala ezolilandela; ngoba kuzoba nzima kakhulu. Ngakho iphupho likaFaro laphindwa kabili; kungenxa yokuthi indaba inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uzoyenza maduzane. Manje uFaro makafune indoda ehlakaniphileyo nehlakaniphileyo ayimise phezu kwezwe laseGibhithe. UFaro makenze lokhu, abeke izinduna phezu kwezwe, athathe okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala. Mababuthe konke ukudla kweminyaka emihle ezayo, babuthe amabele phansi kwesandla sikaFaro, bagcine ukudla emizini; Lokho kudla kuyoba ukudla kwezwe iminyaka eyisikhombisa yendlala eyoba khona ezweni laseGibhithe; funa izwe libhujiswe yindlala.