IGenesisi 41:9-36

IGenesisi 41:9-36 ZUL20

Induna yabaphathindebe kaFaro yathi kuye: “Namhlanje ngiyawakhumbula amacala ami. UFaro wayezithukuthelele izinceku zakhe, mina nenduna yababhakizinkwa wasigquma ejele, endlini yomphathi wabaqaphi. Ngabusuku bunye saphupha, yilowo nalowo iphupho elinencazelo eyehlukile kwelomunye. Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo, kwaba njengoba lalishilo, mina ngabuyiselwa esikhundleni sami, kwathi induna yababhakizinkwa yaphanyekwa.” UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro. UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.” UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.” UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe ngimi osebeni lomfula iNayili; kwakhuphuka emfuleni izinkomazi eziyisikhombisa ezibukeka kahle ezikhulupheleyo, zaklaba emhlangeni. Emva kwazo kwase kukhuphuka ezinye izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo zibukeka kabi. Angikaze ngizibone izinkomazi ezimbi ngale ndlela kulo lonke iGibhithe. Izinkomazi ezondileyo, ezibukeka kabi, zadla lezi zokuqala ezikhulupheleyo. Kuthe sezizidlile, akwabonakala mehluko wokuthi kukhona ezikudlileyo, zazibukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.” “Ngabuye ngabona ephusheni izikhwebu eziyisikhombisa zibelethwe wuhlanga olulodwa, ziphelele, zizinhle. Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga. Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya lezo ezinhle. Ngizazisile izanusi ngalawa maphupho, kodwa asikho esingichazele wona.” UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza. Izinkomazi eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa, nezikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa. Yiphupho elilodwa lelo. Izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo nezibukeka kabi ezakhuphuka emva kwezinye, ziyiminyaka eyisikhombisa, kanjalo nezikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo, zashiswa ngumoya weshisandlu wasempumalanga, ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala. Lokhu engikushilo kuFaro, yilokho uNkulunkulu azokwenza, futhi umembulele khona uFaro. Uyabona-ke, kuzoba khona iminyaka eyisikhombisa yenala kulo lonke iGibhithe. Kuyolandela iminyaka eyisikhombisa yendlala, eyokwenza iminyaka yenala ikhohlweke eGibhithe, iyolikhahlameza kakhulu lonke izwe. Akusayukukhumbuleka ukuthi kwake kwaba khona inala ngenxa yendlala elandelayo, eyoba nzima kakhulu ezweni. Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze. Ngakho-ke uFaro makafune umuntu okhaliphileyo, nokwazi ukuhluza izinto, ambeke phezu kwalo lonke iGibhithe. UFaro makenze kanjalo, aqoke izibonda zengamele lonke iGibhithe, ukuze ziqokelele ingxenye eyodwa kweziyisihlanu yesivuno esizotholakala kule minyaka eyisikhombisa yenala. Mabaqokelele konke ukudla kule minyaka emihle yenala, bakugcine ezinqolobaneni phansi kwesandla sikaFaro, bakulondoloze emizini. Lokhu kudla kufanele kulondolozelwe izwe lonke ukuze likwazi ukubhekana neminyaka eyisikhombisa yendlala, ezokhungatha iGibhithe, ngaleyo ndlela izwe lingashatshalaliswa yindlala.”