UGenesise 29:31-35
UGenesise 29:31-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho uSimakade ebona ukuthi uLeya uyisaliwakazi, wamvula isibeletho sakhe, kodwa wasivala esikaRaheli. ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.” Wakhulelwa, wathola enye indodana, wayiqamba igama wathi nguSimeyoni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade uzwile ukuthi ngiyisaliwakazi, wayesengipha nalena futhi indodana.” Wakhulelwa futhi, wathola indodana, wayiqamba igama wathi nguLevi, ngokuba wathi: “Impela manje umyeni wami uzonamathela kimi, ngoba sengimzalele amadodana amathathu.” Wakhulelwa futhi wathola indodana, wathi: “Manje ngizodumisa uSimakade,” wayiqamba igama wathi nguJuda, wayesema ukuthola abantwana.
UGenesise 29:31-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa, wavula isizalo sakhe; kepha uRaheli wayeyinyumba. ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.” Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi,” waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi. Wakhulelwa futhi, wazala indodana, wathi: “Sengiyakumdumisa uJehova,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; wayesekhawula ukuzala.
UGenesise 29:31-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba. ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; wathi: “Ngokuba uJehova ezwile ukuthi ngiyazondwa, wanginika le ndodana; waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; wathi: “Manje umyeni wami usezakungilandela manje, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu.” ngalokho igama lakhe lathiwa uLevi. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje sengizomdumisa uJehova; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; futhi akaphindanga wazala.