UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba. ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; wathi: “Ngokuba uJehova ezwile ukuthi ngiyazondwa, wanginika le ndodana; waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; wathi: “Manje umyeni wami usezakungilandela manje, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu.” ngalokho igama lakhe lathiwa uLevi. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje sengizomdumisa uJehova; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; futhi akaphindanga wazala.
Funda UGenesise 29
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 29:31-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo