UGenesise 12:1-3
UGenesise 12:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wathi ku-Abrama: “Suka ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso. Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.
UGenesise 12:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi ku-Abhrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nakwabendlu kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona. Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso. Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”
UGenesise 12:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso. Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”