UGenesise 12

12
UGenesise 12
U-Abrama uthunywe nguJehova
1UJehova wathi ku-Abrama: “Suka ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
2Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.
3Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.
4U-Abrama wayesesuka, njengalokho uJehova eshilo kuye; uLoti wahamba naye, u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu ekuphumeni kwakhe eHarana.
5U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti, indodana yomfowabo, nempahla yabo yonke ababeyiqoqile, nemiphefumulo ababeyifumene eHarana; basebesuka ukuya elizweni leKhanani; bafika ezweni laseKhanani.
6U-Abrama wadabula izwe waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini laseMore. AmaKhanani ayekhona ezweni.
7UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.
8Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.
9U-Abrama wasuka wahamba waya eningizimu.
10Kwaba khona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona; ngoba indlala yayinzima elizweni.
11Esesondele ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle obukekayo.
12Kuyakuthi lapho abaseGibithe bekubona, bathi: ‘Lo ngumkakhe; bazangibulala mina, kodwa wena bakugcine uphila.
13Wothi, ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho; futhi umphefumulo wami uyakuphila ngawe.
14Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu;
15Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamdumisa phambi kukaFaro, owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.
16Wamncenga u-Abrama ngenxa yakhe, waba nezimvu, nezinkomo, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolo zakhe, namakamela.
17UJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.
18UFaro wambiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokhu okwenze kimi na? awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho?
19Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu? ukuze ngimthathe abe ngumkami; manje bheka umkakho, umthathe uhambe.
20UFaro wayala amadoda ngaye, ammukisa nomkakhe nakho konke anakho.

Okuqokiwe okwamanje:

UGenesise 12: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume