UGenesise 1:1-4
UGenesise 1:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wayesehlukanisa ukukhanya nobumnyama.
UGenesise 1:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.
UGenesise 1:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyize, ungenalutho; Ubumnyama babuphezu kukazamcolo womhlaba futhi uMoya kaNkulunkulu wawundinda phezu kwamanzi. UNkulunkulu wathi: Makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, futhi uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.