KwabaseGalathiya 6:7-9
KwabaseGalathiya 6:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna. Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya. Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
KwabaseGalathiya 6:7-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi. Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya. Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
KwabaseGalathiya 6:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya. Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
KwabaseGalathiya 6:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)