KwabaseGalathiya 6

6
KwabaseGalathiya 6
1Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.
2Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.
3Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.
4Kodwa yilowo lalowo kahlole owakhe umsebenzi, yikhona ezakuba lokuzibonga yena yedwa, hatshi ngomunye.
5Ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.
6Ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo ofundisayo ezintweni zonke ezinhle.
7Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.
8Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
9Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
10Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
11Niyabona ukuthi uhlamvu olungakanani enginilobele ngalo ngesami isandla.
12Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.
13Ngoba labo abasokileyo kabawugcini umlayo; kodwa bafisa ukuthi nisokwe, ukuze bazincome enyameni yenu.
14Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.
15Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho, kodwa isidalwa esisha.
16Nabo bonke abahamba ngalo mthetho, makube kubo ukuthula nesihawu, naku-Israyeli kaNkulunkulu.
17Kusukela manje makungabikho muntu ongihluphayo, ngokuba nginezimpawu zeNkosi uJesu emzimbeni wami.
18Bazalwane, umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu. Amen. (KwabaseGalathiya kulotshiwe eRoma.)

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 6: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo